Imibala Yothando
By:
Sign Up Now!
Already a Member? Log In
You must be logged into Bookshare to access this title.
Learn about membership options,
or view our freely available titles.
- Synopsis
- UBhejasi Khoza aphume ngesango lesikole ekhabuzela. Ngemuva ulandelwa yisixongololo sabafana bezikhothane abazibiza, ngamaDiamonds. Baphikelele kudekude eJabulani Mall nokuyilapho bayoqhudelana khona nelinye iqembu lezikhothane, amaBlingstas. Selokhu kwathi nhlo uSinenhlanhla akakaze ezwe ngomqhudelwano wokukhothana. “Sne, kufanele nathi sihambe siyobona laba bafana bezikhothane ukuthi bakhothana kanjani.” Kuhlongoze umngani kaSinenhlanhla, uThando Mabhena. Kusuke isidumo lapho sekuqhudelwana. Kuthelwane ngawe jusi kanti futhi kuphonswane nangawe khekhe. Kuthe lapho uBhejasi esebona nobuso obuhle bukaSinenhlanhla esixukwini sababukele, abe nomunye umfutho nje. Phela ukuthi uyazifela ngoSinenhlanhla kuyobe kungukwengula phezulu nje: uyomthanda iShayina ize ihlangane ne-Afrika, kanti nemifula ize yeqe ngale kwezintaba! Yize noma kuthiwa ayikho intombazane engala uBhejasi bese kugcine yona, kwangathi lapha kuntombi kaNjilo kuthanda ukuba ngumqansa. Yingoba uSinenhlanhla akayena uthathekile njengamanye amantombazane aseSoweto. Usebenza ngokuzikhandla esikoleni kanti futhi uzimisele nokuphumelelisa amaphupho akhe. Ngisho kwabukhazikhazi nobulengalenga bukaBhejasi abusho lutho nje lapha kuye. Kazi iyozala nkomoni!
- Copyright:
- 2017
Book Details
- Book Quality:
- Publisher Quality
- ISBN-13:
- 9780624082057
- Publisher:
- Tafelberg, an imprint of NB Publishers
- Date of Addition:
- 06/09/22
- Copyrighted By:
- Dumisani Hlatswayo
- Adult content:
- No
- Language:
- Zulu
- Has Image Descriptions:
- No
- Categories:
- Nonfiction
- Submitted By:
- Bookshare Staff
- Usage Restrictions:
- This is a copyrighted book.